IDA Igane Unwabu Ngesikhungo Sabathikamezekile Ngokomqondo EThekwini

 

-Sanelisiwe Dlangamandla

I-DA ithi izoba iphel'endlebeni esikhungweni sabaphazimisekile ngokomqondo iCoastal Mental Health eThekwini kulandela izinsolo zokuhlukunyezwa kweziguli.

Okhulumela iDA kwezempilo kulesifundazwe, uImran Keeka usho kanje kulandela ukuthi ucwaningo alwenzile luveze ukuthi kukhona iziguli ezinukubezwayo kulesikhungo kanti ezinye zisutha isibhaxu konesi.

Loludaba seludluliselwe emaphoyiseni ukuba aphenye ngalo.

uKeeka uthi sebesitshelile lesikhungo ukuthi bafuna izimpendulo.

"Okwamanje sifake isicelo kumnyango ukuthi kubekhona amacamera azohlala evuliwe usuku lonke ukuqinisekisa ukuthi lezigameko aziqhubeki,"Kuchaza uKeeka.

 

Share