INFP Ithi Izinkinga Enazo Ezesikhashana

Sanelisiwe Dlangamandla

Ubuholi be NFP kulesifundazwe buthi akuqali ukuba nezinkinga eqenjini lezepolitiki nge NFP.

Usihlalo wesigungu esiphezulu kulesifundazwe uVikizitha Mlotshwa uthi izinkinga emaqenjini zigubezela ngisho neqembu elibusayo kuleli.

UMlosthwa usho kanjena kulandela imibiko yoqhekeko lwangaphakathi kwi NFP njengoba amanye amalunga aleliqembu esesabise ngokulishiya phansi kulandela ukugula komholi walo uZanele Kamagwaza Msibi.

Inkantolo ikhiphe umyalelo wokuba izinhlangothi ezingabhekani kuleliqembu ziyoxoxa.

" Ithemba likhona ngoba njengoba ubona umlilo usha nxazonke, Kwamanye amaqembu, i-IFP ingqungquthela ayikaze ihlale hlasimpe sekuphele u30 years..." Kuphawula uMlotshwa.

Share