Namuhla elamanqamu ku-Jiba noMrwebi

Zilungile Makhanya Mkhize

Abashushisi neNPA uNomgcobo Jiba no Lawrence Mrwebi basalelwe ngamahora ambalwa nje kuphela ukuthi banikeze umengameli uCyril Ramaphosa izizathu zabo zokuthi kungani kumele babuyele emsebenzini.

uRamaphosa wabeka usuku lwanamuhla njengomnqamulajuqu wokuthi bachaze ukuthi kungani kungafanele baqhubeke nokumiswa emsebenzini.

uRamaphosa uthi kubalulekile ukuthi izakhamuzi zibuyelwe yithemba kwiNPA futhi nesithunzi sayo singalulazeki.

Laba bobali babuyela emsebenzini ngenyanga edlule kulandela isinqumo senkantolo yokudluliswa kwamacala sokuguqula isinqumo esathathwa inkantolo ephakeme sokuthi bakhishwe ohlwini lwabameli kulelizwe.

Inkantolo yabe isiyalela uRamaphosa ukuthi aqale uphenyo ngokusebenza kwaJiba noMrwebi ababesolwa ngokungaziphathi ngendlela.

Kumanje umkhandlu obhekelele ukusebenza kwabameli kuleli uphezu kwamalungiselelo okudlulisa isinqumo seSupreme Court of Appeal .njengoba kwakuyiyo eyabafakele icala.

Share