OweDA uthi phansi ngokunukubezwa kwabesifazane

By Sanelisiwe Dlangamandla

Ilungu le DA uPhumzile Van Damme, lithi sekwanele ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ikakhulukazi ngokocansi.

UVan Damme uthi abantu besifazane abaningi abanaso isibindi sokwamukela uma sebedlwenguliwe nokuthi baphinde baqhubeke nempilo njengenjwayelo.

Uqhuba ngokuthi abesilisa abadlwengulayo kufana nokuthi babulala abesifazane bephila.

UVan Damme ubekhuluma eSoweto esifundazweni saseGauteng emgubhweni walenhlangano wabantu besifazane.

 

"Amantombazane amaningi aseze ayazibulala ngenxa yengcindezi aphila naye uma ethole ukuhlukumezeka ngokocansi ingakho ngithi sekwanele." kunaba uDamme.

 

 

Share