URamaphosa Ungenelela Kwezokubulawa Kosombusazwe eKZN

Umengameli uCyril Ramaphosa uthi usehlanganise ikomidi longqongqoshe kuzwelonke ukuba lehle lize kulesfundazwe ukuzophenya ngezigameko zakamuva zokubulawa 
kosopoitiki kulesfundazwe.

Namhlanje uRamaphosa nobuholi obuphezulu be-ANC uhambele umndeni kaQashana Mchunu odutshulwe wabulawa ezongena kwakhe kwaPata eMaritzburg.

URamaphosa osegxeke kakhulu ukwanda kwezigameko zokubulalana kulesfundazwe uthi lelithimba longqongqoshe lizofaka owamaphoyisa uBheki Cele nowezobulingiswa uMichael Masutha.

"Lelithimba eliholwa ngungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele ngizohlangana nalo ukusukela ngoMsombuluko ozaya, kanti ngizobe sengilinika isikhathi esiyisonto ukuba lihlanganise umbiko ngokuqhubeka kulesfundazwe," kuqhuba uRamaphosa.

By Bongani Gina

Share